5 Ngalokho abantwana bakwa-Israyeli bayakuletha imihlatshelo yabo abayihlaba endle, bayilethe kuJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, kumpristi, banikele ngayo ibe yiminikelo yokuthula kuJehova.
6 Umpristi wofafaza ngegazi i-altare likaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, ashise amanoni, abe yiphunga elimnandi kuJehova.
7 Abasayikuhlabela amademoni imihlatshelo yabo abaye kuwo ukuphinga. Lokho kuyakuba yisimiso esiphakade kubo ezizukulwaneni zabo.’
8 “Wothi kubo: ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo onikela ngomnikelo wokushiswa noma ngomhlatshelo,
9 engayilethi emnyango wetende lokuhlangana ukunikela ngawo kuJehova, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
10 “ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyakumisa ubuso bami bumelane nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kubantu bakubo.
11 Ngokuba umphefumulo womzimba usegazini; ngimnike lona e-altare ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana, lokhu kuyigazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo.