17 “ ‘Ungambuli ubunqunu bowesifazane kanye nobendodakazi yakhe; ungathathi indodakazi yendodana yakhe, noma indodakazi yendodakazi yakhe ukwambula ubunqunu bayo, ngokuba bayizihlobo; kungukonakala.
18 “ ‘Ungathathi owesifazane kanye nodadewabo ukuba wambule ubunqunu bakhe kanye nomunye esekhona, aze ambange.
19 “ ‘Ungasondeli kowesifazane, wambule ubunqunu bakhe esangcolile ngokungcola kwakhe.
20 “ ‘Ungalali nomkamakhelwane ukuzingcolisa ngaye.
21 “ ‘Unganikeli ngenzalo yakho ukuyahlukanisela kuMoloki, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguJehova.
22 “ ‘Ungalali nowesilisa njenganowesifazane; kuyisinengiso.
23 “ ‘Ungalali nesilwane ukuzingcolisa ngaso; nowesifazane makangemi phambi kwesilwane ukuba alale naso; kuyichilo.