21 “ ‘Unganikeli ngenzalo yakho ukuyahlukanisela kuMoloki, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguJehova.
22 “ ‘Ungalali nowesilisa njenganowesifazane; kuyisinengiso.
23 “ ‘Ungalali nesilwane ukuzingcolisa ngaso; nowesifazane makangemi phambi kwesilwane ukuba alale naso; kuyichilo.
24 “ ‘Ningazingcolisi nangeyodwa yalezo zinto, ngokuba ngazo zonke lezo zingcolile lezi zizwe engizixosha phambi kwakho.
25 Izwe lingcolile; ngalokho ngahambela ububi balo kulo, izwe lahlanza abantu balo.
26 Gcinani izimiso zami nezahlulelo zami, ningenzi nesisodwa salezo zinengiso, noma owokuzalwa ekhaya noma umfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu
27 ngokuba zonke lezo zinengiso bazenza abantu balelo zwe ababekhona ngaphambi kwenu, izwe selangcola