25 Izwe lingcolile; ngalokho ngahambela ububi balo kulo, izwe lahlanza abantu balo.
26 Gcinani izimiso zami nezahlulelo zami, ningenzi nesisodwa salezo zinengiso, noma owokuzalwa ekhaya noma umfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu
27 ngokuba zonke lezo zinengiso bazenza abantu balelo zwe ababekhona ngaphambi kwenu, izwe selangcola
28 ukuze izwe linganihlanzi nani, nxa nilingcolisa, njengalokho lahlanza isizwe esasikhona phambi kwenu.
29 “ ‘Ngokuba bonke abenza lezo zinengiso, yebo, abazenzayo bayakunqunywa kubantu bakubo.
30 Ngalokho gcinani isiyalezo sami ukuba ningenzi nalinye lalawo masiko anengekayo, ayenziwa ngaphambi kwenu, ningazingcolisi ngawo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.’ ”