31 “ ‘Ningaphendukeli kwabanamadlozi nakubathakathi, ningabafuni ukuba ningcoliswe yibo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
32 “ ‘Wosukuma phambi kwempunga, uhloniphe ubuso bomuntu omdala, umesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.
33 “ ‘Uma umfokazi egogobele kuwe ezweni lakini, aniyikumhlupha.
34 Umfokazi ogogobeleyo kini uyakuba kini njengowokuzalwa ekhaya phakathi kwenu, umthande njengalokhu uzithanda wena, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
35 “ ‘Aniyikwenza ukungalungi ekwahluleleni, ekulinganiseni ubude noma isisindo noma ubuningi.
36 Niyakuba nezilinganiso ezilungileyo, nezisindo ezilungileyo, ne-efa* elilungileyo, nehini* elilungileyo; nginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe.
37 “ ‘Anogcina zonke izimiso zami nazo zonke izahlulelo zami, nizenze; nginguJehova.’ ”