11 “ ‘Umuntu olala nomkayise wambulile ubunqunu bukayise; bobabili bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.
12 “ ‘Uma umuntu elala nomalokazana wakhe, bobabili bobulawa nokubulawa; benzile ichilo; igazi labo malibe phezu kwabo.
13 “ ‘Uma indoda ilala nowesilisa njenganowesifazane, bobabili benzile isinengiso; bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.
14 “ ‘Uma umuntu ethatha umfazi kanye nonina, kungukonakala; bayakushiswa ngomlilo yena nabo, ukuze kungabikho konakala phakathi kwenu.
15 “ ‘Uma umuntu elala nesilwane, wobulawa nokubulawa, nisihlabe isilwane.
16 “ ‘Uma owesifazane esondela esilwaneni, alale naso, wobulala owesifazane nesilwane; bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.
17 “ ‘Uma umuntu ethatha udadewabo, indodakazi kayise noma indodakazi kanina, abone ubunqunu bakhe, naye abone ubunqunu bakhe, kuyihlazo; bayakunqunywa phambi kwabantwana babantu bakubo; wambulile ubunqunu bukadadewabo; uyakuthwala ububi bakhe.