1 UJehova wathi kuMose: “Khuluma kubapristi, amadodana ka-Aroni, uthi kubo: ‘Makungabikho ozingcolisayo ngofileyo phakathi kwabantu bakubo,
2 ngaphandle kwezihlobo ezinyamanye naye, okungukuthi unina, noyise, nendodana yakhe, nendodakazi yakhe, nomfowabo,
3 nodadewabo, intombi eseduze naye, engenandoda; angazingcolisa ngaye.
4 Akayikuzingcolisa, eyisikhulu phakathi kwabantu bakubo, ukuze azihlambalaze.