9 “ ‘Indodakazi yompristi, uma izingcolisa ngokufeba, iyamhlambalaza noyise; yoshiswa ngomlilo.
10 “ ‘Ongumpristi omkhulu phakathi kwabafowabo, kuthelwe ekhanda lakhe amafutha okugcoba, nowahlukaniselwa ukuba embathe izambatho, akayikuthukulula izinwele zekhanda lakhe, angaklebhuli izambatho zakhe,
11 angangeni nakumuphi umuntu ofileyo, angazingcolisi ngoyise noma ngonina,
12 futhi angaphumi endlini engcwele, angahlambalazi indlu engcwele kaNkulunkulu wakhe; ngokuba umqhele wamafutha okugcoba kaNkulunkulu wakhe uphezu kwakhe; nginguJehova.
13 “ ‘Wothatha umfazi oseyintombi.
14 Umfelokazi noma umfazi olahliweyo noma owesifazane owonakelyo, isifebe, laba akayikubathatha, kepha uyakuthatha intombi yabantu bakubo ibe ngumkakhe.
15 Akayikuhlambalaza inzalo yakhe phakathi kwabantu bakhe; ngokuba nginguJehova oningcwelisayo.’ ”