1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Imikhosi emisiweyo kaJehova eniyakuyimemezela ibe yimihlangano engcwele, yona iyimikhosi yami emisiweyo.
3 “ ‘Umsebenzi uyakwenziwa izinsuku eziyisithupha; kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha lokuphumula okuzothileyo, umhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kuyisabatha kuJehova ezindlini zenu zonke.
4 “ ‘Nansi imikhosi emisiweyo kaJehova, imihlangano engcwele eniyakuyimemezela ngezikhathi zayo ezimisiweyo.
5 Ngenyanga yokuqala ngolweshumi nane lwenyanga kusihlwa kuyiphasika likaJehova.
6 Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyo nyanga kungumkhosi wesinkwa esingenamvubelo kuJehova; niyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.
7 Ngosuku lokuqala niyakuba nomhlangano ongcwele, ningasebenzi msebenzi.