10 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifikile ezweni engininika lona, nivune isivuno salo, anoletha kumpristi isithungu solibo lwesivuno senu;
11 yena asizulise isithungu phambi kukaJehova ukuba samukelwe ngenxa yenu; ngakusasa emva kwesabatha umpristi uyakusizulisa.
12 Ngalolo suku enizulisa ngalo isithungu, niyakunikela ngemvu yeduna engenasici, enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wokushiswa kuJehova.
13 Umnikelo wawo wempuphu woba ngokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo, exovwe namafutha, umnikelo womlilo kuJehova, ube yiphunga elimnandi, nomnikelo wawo wokuphuzwa woba ngokwesine kwehini* lewayini.
14 Aniyikudla isinkwa notshwele nezikhwebu ezintsha, kuze kufike lolo suku, ningakalethi umnikelo kaNkulunkulu wenu; kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindlini zenu zonke.
15 “ ‘Anozibalela kusukela kolwangakusasa emva kwesabatha, ngosuku enaletha ngalo isithungu somnikelo wokuzuliswa, kuze kube ngamasabatha ayisikhombisa apheleleyo;
16 kuze kufike olwangakusasa emva kwesabatha lesikhombisa anobala izinsuku ezingamashumi ayisihlanu, ninikele ngomnikelo omusha wempuphu kuJehova.