18 Kanye nesinkwa niyakunikela ngezimvu eziyisikhombisa ezingenasici zinomnyaka munye, neduna nezinqama ezimbili, zibe ngumnikelo wokushiswa kuJehova kanye nomnikelo wazo wempuphu neminikelo yazo yokuphuzwa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.
19 Niyakunikela ngempongo ibe ngumnikelo wesono, nezimvu ezimbili zamaduna ezinomnyaka munye, zibe ngumhlatshelo weminikelo yokuthula.
20 Umpristi uyakuzizulisa kanye nesinkwa solibo zibe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova kanye nezimvu ezimbili; ziyakuba ngcwele kuJehova, zibe ngezompristi.
21 Niyakumemezela ngalolo suku, nibe nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kuyisimiso esiphakade ezindlini zenu zonke ezizukulwaneni zenu.
22 “ ‘Nxa nivuna isivuno sezwe lakini, awuyikuvuna ngokupheleleyo emagumbini ensimu yakho, ungakhothozi umkhothozo wesivuno sakho; uwushiyele abampofu nabafokazi; nginguJehova uNkulunkulu wakho.’ ”
23 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
24 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ngenyanga yesikhombisa ngolokuqala lwenyanga anoba nokuphumula okuzothileyo, isikhumbuzo ngokushaya amacilongo, umhlangano ongcwele.