41 Niyakuwugcina ube ngumkhosi kuJehova izinsuku eziyisikhombisa ngomnyaka; kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; niwugcine ngenyanga yesikhombisa.
42 Niyakuhlala emadokodweni izinsuku eziyisikhombisa, bonke abangabokuzalwa kwa-Israyeli bahlale emadokodweni,
43 ukuze izizukulwane zenu zazi ukuthi ngabahlalisa abantwana bakwa-Israyeli emadokodweni ekubakhipheni kwami ezweni laseGibithe, nginguJehova uNkulunkulu wenu.’ ”
44 UMose wabatshela-ke abantwana bakwa-Israyeli imikhosi emisiweyo kaJehova.