12 Bayifaka etilongweni ukuba batshelwe ngomlomo kaJehova.
13 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
14 “Mkhiphele ngaphandle kwekamu* lowo othukile; bonke abamuzwa mababeke izandla zabo ekhanda lakhe, inhlangano yonke imkhande ngamatshe.
15 Uyakukhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Yilowo nalowo oqalekisa uNkulunkulu wakhe uyakuthwala isono sakhe.
16 Ohlambalaza igama likaJehova wobulawa nokubulawa, yonke inhlangano imkhande nokumkhanda ngamatshe; umfokazi noma owokuzalwa ekhaya, nxa ehlambalaza igama likaJehova, wobulawa.
17 “ ‘Oshaya umuntu aze afe wobulawa nokubulawa.
18 Oshaya inkomo ize ife uyakuyikhokha, kube ngukuphila ngokuphila.