15 Uyakukhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Yilowo nalowo oqalekisa uNkulunkulu wakhe uyakuthwala isono sakhe.
16 Ohlambalaza igama likaJehova wobulawa nokubulawa, yonke inhlangano imkhande nokumkhanda ngamatshe; umfokazi noma owokuzalwa ekhaya, nxa ehlambalaza igama likaJehova, wobulawa.
17 “ ‘Oshaya umuntu aze afe wobulawa nokubulawa.
18 Oshaya inkomo ize ife uyakuyikhokha, kube ngukuphila ngokuphila.
19 Uma umuntu elimaza umakhelwane wakhe, njengalokho enzile yena kuyakwenziwa kanjalo kuye,
20 kube ngukwaphuka ngokwaphuka, neso ngeso, nezinyo ngezinyo; njengalokho elimazile umuntu, kanjalo kuyakwenziwa kuye.
21 Obulala inkomo woyikhokha; obulala umuntu wobulawa.