20 kube ngukwaphuka ngokwaphuka, neso ngeso, nezinyo ngezinyo; njengalokho elimazile umuntu, kanjalo kuyakwenziwa kuye.
21 Obulala inkomo woyikhokha; obulala umuntu wobulawa.
22 Niyakuba nomthetho munye kumfokazi nakowokuzalwa ekhaya; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.’ ”
23 UMose wakhuluma-ke kubantwana bakwa-Israyeli; bamkhiphela othukileyo ngaphandle kwekamu,* bamkhanda ngamatshe. Abantwana bakwa-Israyeli benza njengalokho uJehova emyalile uMose.