16 Ngobuningi beminyaka uyakwandisa intengo yalo nangobuncane beminyaka uyakunciphisa intengo yalo; ngokuba uthengisa kuwe ngenani lezithelo.
17 Aniyikudlana, kepha uyakwesaba uNkulunkulu wakho, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho.
18 “ ‘Ngalokho anozenza izimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze, nihlale ezweni nilondekile.
19 Izwe liyakuthela izithelo zalo, nidle nisuthe, nihlale kulo nilondekile.
20 Uma nisho ukuthi: “Siyakudlani ngomnyaka wesikhombisa? Bheka, asiyikulima, asiyikubutha ukudla kwethu,”
21 khona ngiyakuyala isibusiso sami sehlele phezu kwenu ngomnyaka wesithupha, uze uthele ukudla kweminyaka emithathu.
22 Niyakulima ngomnyaka wesishiyagalombili, nidle izithelo zikanyasa; uze ufike umnyaka wesishiyagalolunye, kungene izithelo zawo, niyakudla unyasa.