21 khona ngiyakuyala isibusiso sami sehlele phezu kwenu ngomnyaka wesithupha, uze uthele ukudla kweminyaka emithathu.
22 Niyakulima ngomnyaka wesishiyagalombili, nidle izithelo zikanyasa; uze ufike umnyaka wesishiyagalolunye, kungene izithelo zawo, niyakudla unyasa.
23 “ ‘Akuyikuthengiswa ngezwe kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami, nina-ke ningabafokazi nabagogobeleyo kimi.
24 Ezweni lonke lefa lenu niyakuvuma ukuhlengwa kwezwe.
25 “ ‘Uma umfowenu eba mpofu, athengise ngefa lakhe, kuyakufika isihlobo sakhe, sihlenge lona umfowabo athengisile ngalo.
26 Uma umuntu engenaye ongalihlenga, kodwa ebeseba ngocebileyo, athole okwanele ukulihlenga,
27 makabale iminyaka selokhu kwathengiswa ngalo, abuyisele okudluleleyo kulowo muntu athengisa kuye ngalo, aze abuyele efeni lakhe.