38 NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuninika izwe laseKhanani, ngibe nguNkulunkulu wenu.
39 “ ‘Uma umfowenu eba mpofu ekuwe, azithengise kuwe, awuyikumsebenzisa njengesigqila,
40 kepha abe njengomqashwa nogogobeleyo kuwe; uyakusebenza kuwe kuze kufike umnyaka wejubili,
41 andukuba aphume kuwe, yena nabantwana bakhe kanye naye, abuyele kwabomndeni wakhe, abuyele nasefeni lawoyise.
42 Ngokuba bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe; akuyikuthengiswa ngazo zibe yizigqila.
43 Awuyikubusa kalukhuni phezu kwakhe, kepha wesabe uNkulunkulu wakho.
44 “ ‘Izigqila zakho nezigqilakazi zakho oyakuba nazo: niyakuzithenga izigqila nezigqilakazi kwabezizwe abanizungezayo.