4 kepha ngomnyaka wesikhombisa kuyakuba khona isabatha lokuphumula okuzothileyo kwezwe, isabatha kuye uJehova; awuyikulima insimu yakho, ungatheni isivini sakho.
5 Amakhikhizela esivuno sakho awuyikuwavuna, nezithelo zomvini wakho ongatheniwe awuyikuzikha; kuyakuba ngumnyaka wokuphumula okuzothileyo kwezwe.
6 Isabatha lezwe liyakuba ngukudla kwenu, okwakho nokwenceku yakho nokwencekukazi yakho nokomqashwa wakho nokomfokazi wakho ogogobeleyo kuwe;
7 nakuzo izinkomo zakho nezilwane ezisezweni konke ukuthela kwalo kuyakuba ngukudla.
8 “ ‘Uyakuzibalela amasabatha ayisikhombisa eminyaka, iminyaka eyisikhombisa iphindwe kasikhombisa, kube kuwe izinsuku zamasabatha ayisikhombisa eminyaka, kube yiminyaka engamashumi amane nesishiyagalolunye.
9 Uyakuthuma izwi lecilongo elizwakala kakhulu ngolweshumi lwenyanga yesikhombisa; ngosuku lokubuyisana niyakuthuma izwi lecilongo ezweni lonke lakini.
10 Niyakuwungcwelisa umnyaka wamashumi ayisihlanu, nimemezele inkululeko ezweni lonke kubo bonke abakhileyo kulo; kuyakuba yijubili* kini, nibuyele, kube yilowo nalowo efeni lakhe, nibuyele, kube yilowo nalowo kwabomndeni wakhe.