47 “ ‘Uma umfokazi noma ogogobeleyo kuwe eba ngocebileyo, umfowenu abe mpofu kuye, azithengise kumfokazi noma kogogobeleyo kuwe noma kowohlanga lwabomndeni wabafokazi,
48 angahlengwa nxa sekuthengisiwe ngaye; omunye wabafowabo angamhlenga;
49 noma uyisekazi noma indodana kayisekazi angamhlenga; noma omunye owakubo owabomndeni wakhe angamhlenga; noma eba ngocebileyo, angazihlenga yena.
50 Uyakubalisana nalowo owamthengayo, aqale ngomnyaka owazithengisa kuye ngawo, kuze kube ngumnyaka wejubili; imali yentengiso iyakuba njengenani leminyaka; uyakuba naye njengesikhathi somqashwa.
51 Uma isasele iminyaka eminingi, njengayo uyakubuyisa intengo yokuhlengwa kwakhe emalini athengwa ngayo.
52 Uma isasele iminyaka eyingcosana kuze kufike umnyaka wejubili, uyakubalisana naye; njengeminyaka yakhe uyakubuyisa imali yokuhlengwa kwakhe.
53 Njengenceku eqashwa iminyaka ngeminyaka uyakuba naye; akayikubusa kalukhuni phezu kwakhe emehlweni akho.