50 Uyakubalisana nalowo owamthengayo, aqale ngomnyaka owazithengisa kuye ngawo, kuze kube ngumnyaka wejubili; imali yentengiso iyakuba njengenani leminyaka; uyakuba naye njengesikhathi somqashwa.
51 Uma isasele iminyaka eminingi, njengayo uyakubuyisa intengo yokuhlengwa kwakhe emalini athengwa ngayo.
52 Uma isasele iminyaka eyingcosana kuze kufike umnyaka wejubili, uyakubalisana naye; njengeminyaka yakhe uyakubuyisa imali yokuhlengwa kwakhe.
53 Njengenceku eqashwa iminyaka ngeminyaka uyakuba naye; akayikubusa kalukhuni phezu kwakhe emehlweni akho.
54 “ ‘Uma engahlengwanga ngalezo zindlela, uyakuphuma ngomnyaka wejubili, yena nabantwana bakhe kanye naye.
55 Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bayizinceku kimi; bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.