20 Amandla enu ayakuchithwa ngeze, ngokuba izwe lakini aliyikuthela ukudla kwalo, nemithi yezwe ayiyikuthela izithelo zayo.
21 “ ‘Uma nihamba niphambene nami, ningangilaleli, ngiyakubuye nginehlisele izinhlupheko ziphindwe kasikhombisa njengezono zenu.
22 Ngiyakuthuma phakathi kwenu izilo zasendle eziyakunaphuca abantwana benu, zibulale izinkomo zenu, zininciphise, izindlela zenu zibe yihlane.
23 “ ‘Kepha uma ningaxwayiswa yimi ngalezo zinto, kodwa nihamba niphambene nami,
24 nami ngiyakuhamba ngiphambene nani, nginishaye, yebo, mina, kasikhombisa ngezono zenu.
25 Ngiyakunehlisela inkemba yempindiselo eyakuphindisela isivumelwano sami; senibuthelwe emizini yenu, ngiyakuthuma isifo phakathi kwenu, ninikelwe esandleni sesitha.
26 Nxa ngaphula uzime lwesinkwa, abesifazane abayishumi bayakupheka isinkwa sakho eziko linye, babuyise isinkwa senu ngesisindo; niyakudla ningasuthi.