1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa umuntu enza isithembiso esithile, lapho uyakulinganisa abantu kuJehova,
3 ukulinganisa kwakho owesilisa, kusukela koneminyaka engamashumi amabili kuze kube koneminyaka engamashumi ayisithupha, kuyakuba ngamashekeli* angamashumi ayisihlanu esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele.
4 Uma kungowesifazane, ukulinganisa kwakho kuyakuba ngamashekeli* angamashumi amathathu.