10 Akayikuziphambanisa, angazenani ngezinye, esihle ngesibi nesibi ngesihle; uma enana nokwenana isilwane ngesilwane, sona leso kanye naso okwenanwa ngaso ziyakuba ngcwele.
11 Uma kuyisilwane esingcolileyo okunganikelwa ngaso kuJehova, uyakusibeka isilwane phambi kompristi,
12 umpristi asilinganise, noma sihle noma sibi; njengalokho wena mpristi ulinganisa, kuyakuba njalo.
13 Kepha uma ethanda ngempela ukusihlenga, uyakuthasisela okwesihlanu kwaso kukho ukulinganisa kwakho.
14 “ ‘Nxa umuntu eyakungcwelisa indlu yakhe ibe ngcwele kuJehova, umpristi uyakuyilinganisa uma inhle noma imbi; njengalokhu umpristi eyilinganisa, kuyakuba njalo.
15 Uma oyingcwelisayo ethanda ukuyihlenga indlu yakhe, uyakuthasisela okwesihlanu kwemali yokulinganisa kwakho, ibe ngeyakhe.
16 “ ‘Uma umuntu eyakumngcwelisela uJehova inxenye yensimu yefa lakhe, ukulinganisa kwakho kuyakuba njengokuhlwanyelwa kwayo, ukuhlwanyelwa kwehomere* lebhali* kube ngamashekeli* angamashumi ayisihlanu esiliva.