17 Uma engcwelisa insimu yakhe kusukela emnyakeni wejubili,* iyakuma ngokulinganisa kwakho.
18 Kepha uma ungcwelisa insimu emva kwejubili,* umpristi uyakumbalela imali ngeminyaka eseleyo kuze kufike umnyaka wejubili, kuncishiswe ukulinganisa kwakho.
19 Uma ongcwelisa insimu ethanda ngempela ukuyihlenga, uyakuthasisela kuyo okwesihlanu kwemali yokulinganisa kwakho, iqiniswe kuye.
20 Uma engahlengi insimu, noma ethengisile ngensimu komunye umuntu, ayisayikuhlengwa.
21 Kepha insimu ekuphumeni kwayo ngejubili* iyakuba ngcwele kuJehova njengensimu eyahlukaniswayo; iyakuba yifa lompristi.
22 “ ‘Uma engcwelisela uJehova insimu ayithengileyo, engesiyo insimu yefa lakhe,
23 umpristi uyakumbalela imali yokulinganisa kwakho kuze kufike umnyaka wejubili,* anike ukulinganisa kwakho ngalolo suku kube yinto engcwele kuJehova.