31 Uma umuntu ethanda ukuhlenga okuthile okokweshumi kwakhe, uyakuthasisela kukho okwesihlanu kwakho.
32 Konke okweshumi kwezinkomo noma okwezimvu, zonke ezidlula phansi kwentonga, okweshumi kuyakuba ngcwele kuJehova.
33 Akayikuhlola, uma kuhle noma kubi, angakwenani ngokunye; kepha uma ngempela ekwenana ngokunye, lokhu nalokho akwenana ngakho kuyakuba ngcwele; akuyikuhlengwa.’ ”
34 Leyo iyimiyalo uJehova ayala ngayo uMose ngabantwana bakwa-Israyeli entabeni yaseSinayi.