5 Uma kusukela koneminyaka eyisihlanu kuze kube koneminyaka engamashumi amabili, ukulinganisa kwakho owesilisa kuyakuba ngamashekeli* angamashumi amabili, nowesifazane amashekeli ayishumi.
6 Uma kusukela konenyanga kuze kube koneminyaka eyisihlanu, ukulinganisa kwakho owesilisa kuyakuba ngamashekeli* ayisihlanu esiliva, nokulinganisa kwakho owesifazane kuyakuba ngamashekeli amathathu esiliva.
7 Uma kusukela koneminyaka engamashuni ayisithupha kuya phezulu, nalapho kungowesilisa, ukulinganisa kwakho kuyakuba ngamashekeli* ayishumi nanhlanu, nowesifazane kube ngamashekeli ayishumi.
8 Kepha uma empofu kunokulinganisa kwakho, uyakubekwa phambi kompristi, umpristi amlinganise; umpristi uyakumlinganisa ngokwamandla akhe owathembisayo.
9 “ ‘Uma kuyizilwane okunganikelwa ngazo kuJehova, zonke ezinjalo umuntu anikela ngazo kuJehova ziyakuba ngcwele.
10 Akayikuziphambanisa, angazenani ngezinye, esihle ngesibi nesibi ngesihle; uma enana nokwenana isilwane ngesilwane, sona leso kanye naso okwenanwa ngaso ziyakuba ngcwele.
11 Uma kuyisilwane esingcolileyo okunganikelwa ngaso kuJehova, uyakusibeka isilwane phambi kompristi,