6 Uma kusukela konenyanga kuze kube koneminyaka eyisihlanu, ukulinganisa kwakho owesilisa kuyakuba ngamashekeli* ayisihlanu esiliva, nokulinganisa kwakho owesifazane kuyakuba ngamashekeli amathathu esiliva.
7 Uma kusukela koneminyaka engamashuni ayisithupha kuya phezulu, nalapho kungowesilisa, ukulinganisa kwakho kuyakuba ngamashekeli* ayishumi nanhlanu, nowesifazane kube ngamashekeli ayishumi.
8 Kepha uma empofu kunokulinganisa kwakho, uyakubekwa phambi kompristi, umpristi amlinganise; umpristi uyakumlinganisa ngokwamandla akhe owathembisayo.
9 “ ‘Uma kuyizilwane okunganikelwa ngazo kuJehova, zonke ezinjalo umuntu anikela ngazo kuJehova ziyakuba ngcwele.
10 Akayikuziphambanisa, angazenani ngezinye, esihle ngesibi nesibi ngesihle; uma enana nokwenana isilwane ngesilwane, sona leso kanye naso okwenanwa ngaso ziyakuba ngcwele.
11 Uma kuyisilwane esingcolileyo okunganikelwa ngaso kuJehova, uyakusibeka isilwane phambi kompristi,
12 umpristi asilinganise, noma sihle noma sibi; njengalokho wena mpristi ulinganisa, kuyakuba njalo.