1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu ona kungengamabomu kuyo imiyalo uJehova ayale ngayo ukuthi akunakwenziwa akwenze noma yikuphi,
3 uma kungumpristi ogcotshiweyo owone kanjalo, aze ehlisele abantu icala, wonikela kuJehova ngesono sakhe one ngaso iduna elingenasici, kube ngumnikelo wesono,
4 ayiyise inkunzi ebusweni bukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, abeke isandla sakhe enhloko yenkunzi, ayihlabe inkunzi phambi kukaJehova.
5 Umpristi ogcotshiweyo wothabatha igazi lenkunzi, alilethe ngasemnyango wetende lokuhlangana,
6 umpristi agcobhoze umunwe wakhe egazini, afafaze ngegazi kasikhombisa phambi kukaJehova, ngaphambi kwesihenqo sendlu engcwele.