24 Iyakubeka isandla sayo enhloko yembuzi, iyihlabele endaweni lapho behlabela khona iminikelo yokushiswa phambi kukaJehova; kungumnikelo wesono.
25 Umpristi wothabatha igazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe, alibhece ezimpondweni ze-altare lomnikelo wokushiswa, igazi lawo alithulule ngasesinqeni se-altare lomnikelo wokushiswa.
26 Onke amanoni awo uyakuwashisa e-altare njengamanoni omhlatshelo weminikelo yokuthula, umpristi ayenzele ukubuyisana ngesono sayo, ize ithethelelwe.
27 “ ‘Uma kona umuntukazana, enza kungengamabomu noma yikuphi kuyo imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, aze abe necala,
28 uma aziswa isono sakhe one ngaso, woletha umnikelo wakhe wembuzi, insikazi engenasici, ngesono sakhe one ngaso.
29 Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wesono, awuhlabe umnikelo wesono endaweni yomnikelo wokushiswa.
30 Umpristi wothabatha igazi lawo ngomunwe wakhe, alibhece ezimpondweni ze-altare lomnikelo wokushiswa, lonke elinye igazi lawo alithulule ngasesinqeni se-altare.