7 Umpristi abhece igazi ezimpondweni ze-altare lempepho ethaphukayo phambi kukaJehova elisetendeni lokuhlangana; lonke elinye igazi lenkunzi wolithulula ngasesinqeni se-altare lomnikelo wokushiswa elingasemnyango wetende lokuhlangana.
8 Uyakuthabatha onke amanoni enkunzi yomnikelo wesono, amanoni asibekela izibilini nawo onke amanoni aphezu kwezibilini,
9 nezinso zombili namanoni akuzo angasezinkalweni, namanoni aphezu kwesibindi, ewasusa ngasezinsweni,
10 njengalokho kwasuswa kuyo inkunzi yomhlatshelo weminikelo yokuthula, umpristi akushise e-altare lomnikelo wokushiswa.
11 Isikhumba senkunzi, nayo yonke inyama yayo, nenhloko yayo, namanqina ayo, nezibilini zayo, nomswani wayo,
12 yebo, yonke inkunzi uyakuyikhiphela ngaphandle kwekamu,* ayiyise endaweni ehlambulukileyo lapho uthululwa khona umlotha.
13 “ ‘Uma-ke yonke inhlangano yakwa-Israyeli iduka, leyo nto isitheke emehlweni ebandla, benza noma yikuphi kuyo yonke imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, baze babe necala,