8 Uyakuthabatha onke amanoni enkunzi yomnikelo wesono, amanoni asibekela izibilini nawo onke amanoni aphezu kwezibilini,
9 nezinso zombili namanoni akuzo angasezinkalweni, namanoni aphezu kwesibindi, ewasusa ngasezinsweni,
10 njengalokho kwasuswa kuyo inkunzi yomhlatshelo weminikelo yokuthula, umpristi akushise e-altare lomnikelo wokushiswa.
11 Isikhumba senkunzi, nayo yonke inyama yayo, nenhloko yayo, namanqina ayo, nezibilini zayo, nomswani wayo,
12 yebo, yonke inkunzi uyakuyikhiphela ngaphandle kwekamu,* ayiyise endaweni ehlambulukileyo lapho uthululwa khona umlotha.
13 “ ‘Uma-ke yonke inhlangano yakwa-Israyeli iduka, leyo nto isitheke emehlweni ebandla, benza noma yikuphi kuyo yonke imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, baze babe necala,
14 lapho isono abone ngaso sesaziwe, ibandla liyakunikela ngeduna libe ngumnikelo wesono, lililethe phambi kwetende lokuhlangana.