1 “ ‘Uma umuntu ona lapho ezwa izwi lesifungo, engufakazi wokuthile, noma ekubonile noma ekwazi, engakusho nokho, khona wothwala ububi bakhe;
2 noma umuntu ethinta into engcolileyo, noma isidumbu sesilo esingcolileyo, noma isidumbu senkomo engcolileyo, noma isidumbu sesilwanyana esikhasayo esingcolileyo, kumsithele, engcolile nokho, woba necala.
3 “ ‘Noma ethinta ukungcola komuntu, nakuba yikuphi ukungcola kwakhe angcole ngakho, kumsithele, lapho esekwazi woba necala.
4 “ ‘Noma umuntu efunga ngamawala ngomlomo wakhe ukwenza okubi nokuba ukwenza okuhle, noma yikuphi umuntu angaphahluka ngakho ngesifungo, kumsithele, lapho esekwazi woba necala kokunye kwalokho.
5 “ ‘Kuyakuthi lapho enecala kokunye kwalokho, avume lokho one ngakho,
6 uyakuletha umnikelo wecala lakhe kuJehova ngesono sakhe one ngaso, insikazi yasezimvini, imvu noma imbuzi, kube ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe.
7 “ ‘Uma amandla akhe enganeli imvu, makalethe kuJehova ngesono one ngaso amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa,