10 Uyakulungisa elesibili libe ngumnikelo wokushiswa njengokwesimiso, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, aze athethelelwe.
11 “ ‘Kepha uma amandla akhe enganeli amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, makalethe umnikelo wakhe ngalokho one ngakho, okweshumi kwe-efa* lempuphu ecolekileyo, ube ngumnikelo wesono, angatheli mafutha phezu kwawo, angabeki nhlaka phezu kwawo, ngokuba kungumnikelo wesono,
12 awulethe kumpristi, umpristi acaphune kuwo ngokhweshe, kube yisikhumbuzo sawo, akushise e-altare phezu kweminikelo yomlilo kaJehova; kungumnikelo wesono.
13 Umpristi uyakumenzela ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, nakuyiphi yalezi zinto, aze athethelelwe; okuseleyo kube ngokompristi njengomnikelo wempuphu.’ ”
14 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
15 “Uma umuntu esenza isiphambeko, one kungengamabomu ezintweni ezingcwele zikaJehova, woletha kuJehova umnikelo wakhe wecala, inqama yasemhlambini engenasici njengokulinganisa kwakho namashekeli* esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele, ibe ngumnikelo wecala,
16 akhokhele lokho one ngakho entweni engcwele, athasisele kukho okwesihlanu, akunike umpristi, umpristi amenzele ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala, aze athethelelwe.