11 “ ‘Kepha uma amandla akhe enganeli amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, makalethe umnikelo wakhe ngalokho one ngakho, okweshumi kwe-efa* lempuphu ecolekileyo, ube ngumnikelo wesono, angatheli mafutha phezu kwawo, angabeki nhlaka phezu kwawo, ngokuba kungumnikelo wesono,
12 awulethe kumpristi, umpristi acaphune kuwo ngokhweshe, kube yisikhumbuzo sawo, akushise e-altare phezu kweminikelo yomlilo kaJehova; kungumnikelo wesono.
13 Umpristi uyakumenzela ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, nakuyiphi yalezi zinto, aze athethelelwe; okuseleyo kube ngokompristi njengomnikelo wempuphu.’ ”
14 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
15 “Uma umuntu esenza isiphambeko, one kungengamabomu ezintweni ezingcwele zikaJehova, woletha kuJehova umnikelo wakhe wecala, inqama yasemhlambini engenasici njengokulinganisa kwakho namashekeli* esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele, ibe ngumnikelo wecala,
16 akhokhele lokho one ngakho entweni engcwele, athasisele kukho okwesihlanu, akunike umpristi, umpristi amenzele ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala, aze athethelelwe.
17 “Uma umuntu ona, enza noma yikuphi kuyo imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, noma ebengakwazi, unecala nokho, futhi wothwala ububi bakhe.