16 akhokhele lokho one ngakho entweni engcwele, athasisele kukho okwesihlanu, akunike umpristi, umpristi amenzele ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala, aze athethelelwe.
17 “Uma umuntu ona, enza noma yikuphi kuyo imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, noma ebengakwazi, unecala nokho, futhi wothwala ububi bakhe.
18 Woletha kumpristi inqama engenasici yasemhlambini njengokulinganisa kwakho, ibe ngumnikelo wecala, umpristi amenzele ukubuyisana ngesiphosiso aphosise ngaso engazi, aze athethelelwe.
19 Kungumnikelo wecala; nempela unecala phambi kukaJehova.”