1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2 “Uma umuntu ona, enze isiphambeko kuJehova, akhohlise umakhelwane wakhe ngento ebekiweyo, noma isibambiso noma into ephangiweyo, noma ecindezela umakhelwane wakhe,
3 noma, lapho ethola into elahlekileyo, eyiphika, afunge amanga, noma yikuphi kukho konke lokhu umuntu akwenzayo one ngakho,
4 khona kuyakuthi, uma onile aze abe necala, uyakukubuyisa lokho okuphangiweyo, noma lokho akudlileyo, noma lokho okwakubekwe kuye, noma lokho okwakulahlekile akutholayo,