17 kepha okusele enyameni yomhlatshelo ngosuku lwesithathu kuyakushiswa ngomlilo.
18 Uma inyama yomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula idliwa ngosuku lwesithathu, ayiyikwamukeleka, ingabalelwa kuye owanikela ngayo; iyakunengeka, nomuntu oyidlayo uyakuthwala ububi bakhe.
19 “ ‘Inyama ethinta into engcolileyo ayinakudliwa, kepha iyakushiswa ngomlilo; nokho le nyama-ke bonke abahlambulukileyo bangayidla.
20 Kodwa umuntu oyidla inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova esenakho ukungcola kwakhe, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
21 Nanxa umuntu ethinta into engcolileyo, ukungcola komuntu noma isilwane esingcolileyo noma into engcolileyo enengekayo, adle inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”
22 Jehova wakhuluma kuMose, wathi:
23 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Aniyikudla manoni enkomo, nawemvu, nawembuzi.