32 Okuseleyo kwenyama nokwesinkwa anokushisa ngomlilo.
33 Ningaphumi emnyango wetende lokuhlangana izinsuku eziyisikhombisa, kungakapheli izinsuku zokwahlukaniselwa kwenu, ngokuba uyakunahlukanisela izinsuku eziyisikhombisa.
34 UJehova uyalile ukuba kwenziwe njengalokho kwenziwe namuhla, ukuze nenzelwe ukubuyisana.
35 Ngasemnyango wetende lokuhlangana niyakuhlala imini nobusuku izinsuku eziyisikhombisa, nisigcine isiyalezo sikaJehova, ukuze ningafi, ngokuba ngiyaliwe kanjalo.”
36 U-Aroni namadodana akhe benza konke uJehova ayale ngakho ngesandla sikaMose.