13 Anikeza kuye umnikelo wokushiswa izitho ngezitho kanye nenhloko, wakushisa e-altare.
14 Wahlanza izibilini namanqina, wakushisa phezu komnikelo wokushiswa e-altare.
15 Wayeseletha umnikelo wabantu, wathatha impongo yomnikelo wesono ongowabantu, wayihlaba, wanikela ngayo ngenxa yesono njengowokuqala.
16 Waletha umnikelo wokushiswa, wanikela ngawo njengokwesimiso.
17 Wayeseletha umnikelo wempuphu, wagcwalisa isandla sakhe ngawo, wawushisa e-altare ngaphandle komnikelo wokushiswa wasekuseni.
18 Wahlaba inkunzi nenqama, zibe ngumhlatshelo weminikelo yokuthula ongowabantu; amadodana ka-Aroni aletha kuye igazi owafafaza ngalo i-altare nxazonke,
19 namanoni enkunzi nawenqama, nomsila ononileyo, nalawo asibekela izibilini, nezinso, namanoni esibindi,