8 U-Aroni wayesesondela e-altare, walihlaba ithole lomnikelo wesono ongowakhe.
9 Amadodana ka-Aroni aletha igazi kuye; wagcobhoza umunwe egazini, walibheca ezimpondweni ze-altare, wathulula elinye igazi ngasesinqeni se-altare;
10 kepha amanoni nezinso namanoni aphezu kwesibindi emnikelweni wesono wakushisa e-altare, njengalokho uJehova emyalile uMose.
11 Inyama nesikhumba wakushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu.*
12 Wawuhlaba umnikelo wokushiswa; amadodana ka-Aroni aletha kuye igazi, wafafaza ngalo i-altare nxazonke.
13 Anikeza kuye umnikelo wokushiswa izitho ngezitho kanye nenhloko, wakushisa e-altare.
14 Wahlanza izibilini namanqina, wakushisa phezu komnikelo wokushiswa e-altare.