Unehemiya 10:28-34 ZUL59

28 Abantu abaseleyo, abapristi, namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, namaNethini,* nabo bonke ababezahlukanisile nabantu bezwe ukuba bazihlanganise nomthetho kaNkulunkulu, nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo, bonke ababe nolwazi nokuhlakanipha,

29 babambelela kubafowabo, abakhulu babo, benza isithembiso nesifungo sokuba bahambe emthethweni kaNkulunkulu owanikwa ngesandla sikaMose inceku kaNkulunkulu, bagcine, benze yonke imiyalo kaJehova iNkosi yethu, nezahlulelo zakhe, nezimiso zakhe

30 ukuba singabaniki abantu bezwe amadodakazi ethu, singathatheli amadodana ethu amadodakazi abo,

31 nokuba lapho abantu bezwe beletha impahla, noma uhlobo oluthile lwamabele ngosuku lwesabatha ukuba bathengise ngakho, singathengi kubo ngesabatha nangosuku olungcwele, futhi siwuyeke umnyaka wesikhombisa nazo zonke izikwenetu.

32 Futhi sazimisela umthetho wokuba sithele inxenye yesithathu yeshekeli* ngomnyaka, ibe ngeyomsebenzi wendlu kaNkulunkulu wethu,

33 eyesinkwa sokubukwa kanye nomnikelo wempuphu wemihla yonke nomnikelo oshiswa imihla yonke, neyamasabatha, neyokwethwasa kwenyanga, neyemikhosi emisiweyo, neyezinto ezingcwele, neyeminikelo yezono, ukuba kwenziwe ukubuyisana kuka-Israyeli nomsebenzi wonke wendlu kaNkulunkulu wethu.

34 Senza inkatho thina bapristi namaLevi nabantu ngomnikelo wezinkuni ukuba zingeniswe endlini kaNkulunkulu wethu njengezindlu zawobaba ngezikhathi ezinqunyiweyo, iminyaka ngeminyaka, zibaswe phezu kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu njengokulotshiweyo emthethweni,