Unehemiya 7 ZUL59

Ukumiswa kwabalindi

1 Kwathi lapho ugange selwakhiwe, sengimisile izivalo, futhi kubekiwe abalindisango nabahlabeleli namaLevi,

2 ngayaleza uHanani umfowethu noHananiya induna yendlu yenkosi ukuba baphathe iJerusalema, ngokuba wayengumuntu othembekileyo, wamesaba uNkulunkulu kunabaningi.

3 Ngathi kubo: “Amasango aseJerusalema mawangavulwa lize lishise ilanga; besemi, mabavale izivalo, baziqinise; bekani abalindi kwabakhileyo eJerusalema, kube yilowo nalowo emlindweni wakhe, yilowo abe malungana nendlu yakhe.”

4 Umuzi wawubanzi nxazombili; wawumkhulu, kepha abantu babe yingcosana phakathi kwawo, izindlu zingakakhiwa.

5 UNkulunkulu wami wabeka enhliziyweni yami ukuba ngibuthe abakhulu, nababusi, nabantu, ukuze babhalwe ngezizukulwane. Ngafumana incwadi yezizukulwane zabakhuphuka kuqala, ngafumana kulotshiwe kuyo ukuthi:

6 Nampa abantwana bezwe abakhuphuka ekuthunjweni kubo ababethunjwe nguNebukadinesari inkosi yaseBabele, babuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba yilowo nalowo emzini wakubo,

7 abafika noZerubabele, noJeshuwa, noNehemiya, no-Azariya, noRahamiya, noNahamani, noMoridekayi, noBilishani, noMisipereti, noBigivayi, noNehumi, noBahana.Umumo wamadoda abantu bakwa-Israyeli nanku:

Abokuqala ababuya eBabele

8 abantwana bakwaPharoshi: yizinkulungwane ezimbili nekhulu namashumi ayisikhombisa nambili;

9 abantwana bakwaShefathiya: ngamakhulu amathathu namashumi ayisikhombisa nambili;

10 abantwana bakwa-Ara: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nambili;

11 abantwana bakwaPhahati Mowabi babantwana bakwaJeshuwa noJowabe: yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisishiyagalombili neshumi nesishiyagalombili;

12 abantwana bakwa-Elamu: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;

13 abantwana bakwaZathu: ngamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amane nanhlanu;

14 abantwana bakwaZakayi: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha;

15 abantwana bakwaBinuwi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nesishiyagalombili;

16 abantwana bakwaBebayi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nesishiyagalombili;

17 abantwana bakwa-Azigadi: yizinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu namashumi amabili nambili;

18 abantwana bakwa-Adonikamu: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesikhombisa;

19 abantwana bakwaBigivayi: yizinkulungwane ezimbili namashumi ayisithupha nesikhombisa;

20 abantwana bakwa-Adini: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nanhlanu;

21 abantwana bakwa-Atheri kaHezekiya: ngamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili;

22 abantwana bakwaHashumi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nesishiyagalombili;

23 abantwana bakwaBesayi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nane;

24 abantwana bakwaHarifi: yikhulu neshumi nambili;

25 abantwana bakwaGibeyoni: ngamashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu.

26 Amadoda aseBetlehema naseNethofa: yikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili;

27 amadoda ase-Anathoti: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili;

28 amadoda aseBeti Azimaveti: ngamashumi amane nambili;

29 amadoda aseKiriyati Jeharimi, naseKhefira, naseBeyeroti: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nantathu;

30 amadoda aseRama naseGeba: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nanye;

31 amadoda aseMikimasi: yikhulu namashumi amabili nambili;

32 amadoda aseBethele nase-Ayi: yikhulu namashumi amabili nantathu;

33 amadoda elinye iNebo: ngamashumi ayisihlanu nambili;

34 abantwana bakwa-Elamu omunye: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;

35 abantwana bakwaHarimi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili;

36 abantwana baseJeriko: ngamakhulu amathathu namashumi amane nanhlanu;

37 abantwana baseLodi, naseHadidi, nase-Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanye;

38 abantwana baseSenawa: yizinkulungwane ezintathu namakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amathathu.

39 Abapristi: abantwana bakwaJedaya, abendlu kaJeshuwa: ngamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisikhombisa nantathu;

40 abantwana bakwa-Imeri: yinkulungwane namashumi ayisihlanu nambili;

41 abantwana bakwaPhashuri: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amane nesikhombisa;

42 abantwana bakwaHarimi: yinkulungwane neshumi nesikhombisa.

43 AmaLevi: abantwana bakwaJeshuwa kaKadimiyeli babantwana bakwaHodeva: ngamashumi ayisikhombisa nane.

44 Abahlabeleli: abantwana bakwa-Asafa: yikhulu namashumi amane nesishiyagalombili.

45 Abalindisango: abantwana bakwaShalumi,nabantwana bakwa-Atheri,nabantwana bakwaThalimoni,nabantwana bakwa-Akubi,nabantwana bakwaHathita,nabantwana bakwaShobayi:yikhulu namashumi amathathu nesishiyagalombili.

46 AmaNethini:* ngabantwana bakwaSiha, nabantwana bakwaHasufa, nabantwana bakwaThabawoti,

47 nabantwana bakwaKerosi,nabantwana bakwaSiya,nabantwana bakwaPhadoni,

48 nabantwana bakwaLebana,nabantwana bakwaHagaba,nabantwana bakwaShalimayi,

49 nabantwana bakwaHanani,nabantwana bakwaGideli,nabantwana bakwaGahari,

50 nabantwana bakwaRewaya,nabantwana bakwaResini,nabantwana bakwaNekhoda,

51 nabantwana bakwaGazamu,nabantwana bakwa-Uza,nabantwana bakwaPhaseya,

52 nabantwana bakwaBesayi,nabantwana bakwaMehuni,nabantwana bakwaNefushesimi,

53 nabantwana bakwaBakibuki,nabantwana bakwaHakufa,nabantwana bakwaHarihuri,

54 nabantwana bakwaBasiluthi,nabantwana bakwaMehida,nabantwana bakwaHarisha,

55 nabantwana bakwaBarikhosi,nabantwana bakwaSisera,nabantwana bakwaThema,

56 nabantwana bakwaNesiya,nabantwana bakwaHathifa.

57 Abantwana bezinceku zikaSolomoni:ngabantwana bakwaSothayi,nabantwana bakwaSofereti,nabantwana bakwaPherida,

58 nabantwana bakwaJahala,nabantwana bakwaDarikoni,nabantwana bakwaGideli,

59 nabantwana bakwaShefathiya,nabantwana bakwaHathili,nabantwana bakwaPhokereti Hasebayimi,nabantwana bakwa-Amoni.

60 Onke amaNethini* nabantwana bezinceku zikaSolomoni babe ngamakhulu amathathu namashumi ayisihiyagalolunye nambili.

61 Nampa abakhuphuka eTheliMela, naseTheli Harisha, naseKherubi, nase-Adoni, nase-Imeri, kepha bebengenakusho izindlu zawoyise nozalo lwabo ukuba babe ngabakwa-Israyeli yini:

62 abantwana bakwaDelaya, nabantwana bakwaThobiya, nabantwana bakwaNekhoda: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nambili.

63 Kubapristi: ngabantwana bakwaHobaya, nabantwana bakwaHakhosi, nabantwana bakwaBarizilayi owathatha umfazi kumadodakazi kaBarizilayi wakwaGileyadi, wabizwa ngegama lawo.

64 Labo bafuna ukubhalwa kwabo phakathi kwababhaliweyo ngezizukulwane, kepha akufunyanwanga; ngalokho kwathiwa bangcolile, bakhishwa ebupristini.

65 Umbusi washo kubo ukuba bangadli okungcwelengcwele, kuze kuvele umpristi one-Urimi neThumimi.*

66 Lonke ibandla selihlangene laliyizinkulungwane ezingamashumi amane nambili namakhulu amathathu namashumi ayisithupha,

67 ngaphandle kwezinceku zabo nezi ncekukazi zabo ezaziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa; babe nabahlabeleli besilisa nabesifazane abangamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu.

68 Amahhashi abo ayengamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu nesithupha; iminyuzi* yabo yayingamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu;

69 amakamela ayengamakhulu amane namashumi amathathu nanhlanu; izimbongolo zaziyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi amabili.

70 Ezinye izinhloko zanikelela umsebenzi; umbusi wanikelela isikhwama amadarike* ayinkulungwane egolide, nezitsha ezingamashumi ayisihlanu, nezambatho zabapristi ezingamakhulu ayisihlanu namashumi amathathu.

71 Ezinye izinhloko zawoyise zanikelela isikhwama somsebenzi amadarike* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide namamane* ayizinkulungwane ezimbili namakhulu amabili esiliva.

72 Abakunikelayo abanye abantu kwakungamadarike* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide, namamane* ayizinkulungwane ezimbili esiliva, nezambatho zabapristi ezingamashumi ayisithupha nesikhombisa.

73 Base behlala-ke abapristi, namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, nabanye abantu, namaNethini,* naye wonke u-Israyeli emizini yabo.Kwathi lapho inyanga yesikhombisa isifikile, abantwana bakwa-Israyeli babe semizini yabo.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13