26 Labo babe khona emihleni kaJoyakimi indodana kaJeshuwa kaJosadaki nasemihleni kaNehemiya umbusi no-Ezra, umbhali.
27 Ekuhlanjululweni kogange lwaseJerusalema bafuna amaLevi ezindaweni zawo zonke ukuba ayiswe eJerusalema ukwenza ukuhlambulula ngokuthokoza, nangokubonga, nangokuhlabelela ngamasimbali* nangezingubhu nangamahabhu.*
28 Abantwana babahlabeleli babuthana bevela ethafeni elalizungeza iJerusalema nasemizaneni yamaLevi,
29 naseBeti Giligali, nasemasimini aseGeba, nase-Azimaveti, ngokuba babezakhele imizana nxazonke zeJerusalema.
30 Abapristi namaLevi base bezihlambulula; bahlambulula nabantu, namasango, nogange.
31 Ngase ngikhuphulela ogangeni izikhulu zakwaJuda, ngabeka izigaba ezimbili ezinkulu ezabongayo, zahlaba ihele; esinye sahamba ngakwesokunene ogangeni, saya ngaseSangweni Lomquba;
32 emva kwaso kwahamba uHoshaya nenxenye yezikhulu zakwaJuda,