11 Ngase ngiphikisana nababusi, ngathi: “Ishiyelweni indlu kaNkulunkulu na?” Ngababutha, ngababeka ezindaweni zabo.
12 Wonke uJuda wayeseletha okweshumi kwamabele, nokwewayini, nokwamafutha engcebeni.
13 Ngabeka abaphathizikhwama phezu kwengcebo: nguShelemiya umpristi, noSadoki umbhali, noPhedaya wamaLevi; eceleni kwabo kwakunguHanani kaZakuri kaMathaniya, ngokuba kwathiwa bathembekile; babeyakwabela abafowabo.
14 Ngalokho ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ungesuli izenzo zami zomusa engizenzileyo endlini kaNkulunkulu wami nasenkonzweni yayo.
15 Ngalezo zinsuku ngabona kwaJuda abanyathela izikhamo zewayini ngesabatha nabaletha izithungu zamabele, bethwesa izimbongolo, newayini, nezithelo zewayini, namakhiwane, nemithwalo yonke, bekungenisa eJerusalema ngosuku lwesabatha; ngabaxwayisa ngosuku abathengisa ngalo lokho kudla.
16 AbaseTire ababehlala khona bangenisa izinhlanzi nezimpahla zezinhlobo zonke, bathengisa ngakho ngesabatha kubantwana bakwaJuda naseJerusalema.
17 Ngase ngiphikisana nabakhulu bakwaJuda, ngathi kubo: “Okubi kuni lokhu enikwenzayo, nilona usuku lwesabatha na?