14 Ngalokho ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ungesuli izenzo zami zomusa engizenzileyo endlini kaNkulunkulu wami nasenkonzweni yayo.
15 Ngalezo zinsuku ngabona kwaJuda abanyathela izikhamo zewayini ngesabatha nabaletha izithungu zamabele, bethwesa izimbongolo, newayini, nezithelo zewayini, namakhiwane, nemithwalo yonke, bekungenisa eJerusalema ngosuku lwesabatha; ngabaxwayisa ngosuku abathengisa ngalo lokho kudla.
16 AbaseTire ababehlala khona bangenisa izinhlanzi nezimpahla zezinhlobo zonke, bathengisa ngakho ngesabatha kubantwana bakwaJuda naseJerusalema.
17 Ngase ngiphikisana nabakhulu bakwaJuda, ngathi kubo: “Okubi kuni lokhu enikwenzayo, nilona usuku lwesabatha na?
18 Abenzanga kanjalo oyihlo, noNkulunkulu wenu akehliselanga yini phezu kwenu konke lokho okubi, naphezu kwalo muzi, na? Nokho nina niyenezela intukuthelo phezu kuka-Israyeli ngokulona isabatha.”
19 Kwathi lapho amasango aseJerusalema eseqala ukuba mnyama lingakafiki isabatha, ngathi mazivalwe izivalo, ngathi futhi mazingavulwa lize lidlule isabatha, ngabeka ezinye izinceku zami ngasemasangweni ukuba kungangeniswa mthwalo ngosuku lwesabatha.
20 Abathengi nabathengisi bezimpahla zezinhlobo zonke base belala ngaphandle kweJerusalema kanye nakabili.