22 Ngasho kumaLevi ukuba azihlambulule, eze, alinde amasango, angcwelise usuku lwesabatha. Ngalokho ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ungihawukele ngokobuningi bomusa wakho.
23 Futhi ngalezo zinsuku ngabona abaJuda ababezithathele abesifazane base-Ashidodi, nabakwa-Amoni, nabakwaMowabi.
24 Abantwana babo bakhuluma ngokwenxenye ngesi-Ashidodi; bengenakukhuluma isiJuda bakhuluma ngolimi lwezizwe ngezizwe.
25 Ngabasola ngalokho, ngabathuka, ngashaya abanye abantu, ngabahluthula izinwele, ngabafungisa uNkulunkulu, ngathi: “Ninganiki amadodana abo amadodakazi enu, ningathatheli amadodana enu amadodakazi abo.
26 Akonanga ngalokho uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli na? Phakathi kwezizwe eziningi kwakungekho nkosi enjengaye; wayethandekile kuNkulunkulu wakhe; uNkulunkulu wambeka inkosi phezu kuka-Israyeli wonke; nokho abesifazane babezizwe bamonisa naye.
27 Sekuzwakele nangani ukuthi nenzile konke lokho okubi kakhulu ukuba niphambuke kuNkulunkulu wethu ngokuzithathela abesifazane babezizwe.”
28 Enye yamadodana kaJoyada indodana ka-Eliyashibi umpristi omkhulu yayingumkhwenyana kaSanibalati umHoroni; ngamxosha kimi.