27 Sekuzwakele nangani ukuthi nenzile konke lokho okubi kakhulu ukuba niphambuke kuNkulunkulu wethu ngokuzithathela abesifazane babezizwe.”
28 Enye yamadodana kaJoyada indodana ka-Eliyashibi umpristi omkhulu yayingumkhwenyana kaSanibalati umHoroni; ngamxosha kimi.
29 Bakhumbule, Nkulunkulu wami, ngokuba bangcolisile ubupristi nesivumelwano sabapristi nesamaLevi.
30 Ngase ngibahlambulula kukho konke okwabezizwe, nganquma izimfanelo zabapristi namaLevi, kwaba yilowo nalowo emsebenzini wakhe,
31 nomnikelo wezinkuni ngezikhathi ezinqunyiweyo, nolibo. Ngikhumbule, Nkulunkulu wami, kube kuhle kimi.