7 Futhi ngathi enkosini: “Uma kukuhle enkosini, manginikwe izincwadi kubabusi phesheya koMfula,* ukuze bavume ukuba ngidlule ngize ngifike kwaJuda,
8 kanye nencwadi ku-Asafa umlindihlathi lenkosi ukuba anginike imithi yemishayo yamasango enqaba ehlangene nethempeli, neyongange lomuzi, neyendlu engiyakungena kuyo.” Inkosi yanginika lokhu ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wami esasiphezu kwami.
9 Ngase ngifika kubabusi phesheya koMfula,* ngabanika izincwadi zenkosi. Inkosi yayithume nami izinduna zempi nabamahhashi.
10 Kepha lapho umHoroni, uSanibalati, noThobiya inceku yakwa-Amoni sebezwile lokho, kwaba kubi kakhulu kubo ukuthi kufike umuntu ukufuna inhlalakahle ka-Israyeli.
11 Ngase ngifika eJerusalema, ngahlala khona izinsuku ezintathu.
12 Ngavuka ebusuku, mina nabantu abathile abayingcosana; angitshelanga muntu lokho uNkulunkulu akubeke enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele iJerusalema; futhi kwakungekho silwane nami ngaphandle kwesilwane engangikhwele kuso.
13 Ngaphuma ngeSango Lesigodi ebusuku, ngaya eMthonjeni kaDrako* naseSangweni Lomquba, ngabuka izingange zaseJerusalema ezazibhidliziwe namasango alo ayeshiswe ngomlilo.