11 UMalikhiya, indodana kaHarimi, noHashubi, indodana kaPhahati Mowabi, balungisa elinye ibanga noMbhoshongo Wamaziko.
12 Eceleni kwabo kwalungisa uShalumi indodana kaHaloheshi, umbusi wenxenye yesifunda saseJerusalema, yena namadodakazi akhe.
13 ISango Lesigodi lalungiswa nguHanuni nabakhe eZanowa; balakha, bamisa izivalo zalo nezihluthelelo zalo nemigoqo yalo, nezingalo eziyinkulungwane zogange kwaze kwaba seSangweni Lomquba.
14 ISango Lomquba lalungiswa nguMalikhiya, indodana kaRekabi, umbusi wesifunda saseBeti Hakeremi; walakha, wamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.
15 ISango Lomthombo lalungiswa nguShaluni, indodana kaKholi Hoze, umbusi wesifunda saseMispa; walakha, walifulela, wamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo, nogange lwaseChibini laseShela ngasensimini yenkosi, kwaze kwaba sezikhwelweni ezehla emzini kaDavide.
16 Emva kwakhe kwalungisa uNehemiya indodana ka-Azibuki, umbusi wenxenye yesifunda saseBeti Suri, kwaze kwaba sendaweni malungana namathuna kaDavide, nasechibini elimbiweyo, naseNdlini Yamaqhawe.
17 Emva kwakhe kwalungisa amaLevi, uRehumi indodana kaBani. Eceleni kwakhe kwalungisa uHashabiya, umbusi wenxenye yesifunda saseKeyila esifundeni sakhe.